Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 26:55 - IsiZulu 2020

55 Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 26:55
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.


Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


Izwe liyakwabelwa abaningi nabayingcosana ngonkatho.”


Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,


zathi: “USimakade wayiyala inkosi yami ukuba inike abantu bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngonkatho. USimakade wayiyala futhi inkosi yami ukuba inike amadodakazi omfowethu uZelofehadi ifa lakhe, libe yifa lawo.


Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.


nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.


Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”


Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.


Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.


Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi;


Unkatho lwesine lwadla u-Isakhare, abozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo.


Unkatho lwesihlanu lwadla abozalo luka-Asheri ngemindeni yabo.


Unkatho lwesithupha lwadla abozalo lukaNafethali ngemindeni yabo.


Unkatho lwesikhombisa lwadla isizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka