Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.
UNumeri 23:8 - IsiZulu 2020 Ngingamqalekisa kanjani lowo uNkulunkulu angamqalekisanga na? Ngingamjivaza kanjani lowo uSimakade angamjivazanga na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngingamqalekisa kanjani ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngingaqalekisa kanjani lokho uNkulunkulu angakuqalekisanga? mina engingaphikanga kanjani iNkosi na? |
Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.
oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”
Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”
Bheka, unginike umyalo wokuba ngibusise; Yena ubusisile, mina angikwazi ukukuguqula lokho.
Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’
UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’