Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 23:8 - IsiZulu 2020

Ngingamqalekisa kanjani lowo uNkulunkulu angamqalekisanga na? Ngingamjivaza kanjani lowo uSimakade angamjivazanga na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngingamqalekisa kanjani ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngingaqalekisa kanjani lokho uNkulunkulu angakuqalekisanga? mina engingaphikanga kanjani iNkosi na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 23:8
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Bheka, unginike umyalo wokuba ngibusise; Yena ubusisile, mina angikwazi ukukuguqula lokho.


Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’