Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 23:9 - IsiZulu 2020

9 Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, nasemagqumeni ngiyambona; bheka, abantu bayakuhlala bodwa, bangabalwa phakathi kwezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 23:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”


UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.


Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


“Sukani, nikhuphukele esizweni esizinzileyo, esihlala ngokuvikeleka, esingenamasango namigoqo, esakhe sodwa,” kusho uSimakade.


“Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


U-Israyeli uhleli ngokuvikeleka; umthombo kaJakobe wehlukene wodwa ezweni lokusanhlamvu nelewayini; lapho amazulu akhe econsa amazolo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka