Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.
UNumeri 23:10 - IsiZulu 2020 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli na? Mangife ukufa kwabaqotho, isiphetho sami masifane nesakhe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, nenani lesine lika-Israyeli na? Mangife ukufa kolungileyo, ukugcina kwami kube njengokwakhe! |
Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.
ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Bonke ababalwayo benkambu yabakwaRubeni babeyizi-151 450 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
Sebebonke ababalwayo benkambu yabakwa-Efrayimi babeyizi-108 100 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
Sebebonke ababalwayo benkambu yakwaDani babeyizi-157 600. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.
Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.
Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”