Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 23:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli na? Mangife ukufa kwabaqotho, isiphetho sami masifane nesakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, nenani lesine lika-Israyeli na? Mangife ukufa kolungileyo, ukugcina kwami kube njengokwakhe!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 23:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.


Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.


Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.


Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela* abo.


Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.


Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka