UNkulunkulu wawavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi. Waya kuwo wafike wakha amanzi, wagcwalisa imvaba, wamphuzisa umfana.
UNumeri 22:31 - IsiZulu 2020 USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wavula amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo; wagebisa ikhanda, wawa ngobuso. |
UNkulunkulu wawavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi. Waya kuwo wafike wakha amanzi, wagcwalisa imvaba, wamphuzisa umfana.
UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.
Imbongolo yathi kuBhileyamu: “Angisiyona yini imbongolo yakho ohlale uyigibela, nanamuhla osayigibele na? Ngivamile yini ukukwenza lokhu kuwe na?” UBhileyamu wathi: “Qha.”
ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, nowazi ukwazi koPhezukonke, obone umbono ovela kuSomandla, ewele phansi kodwa amehlo akhe engemboziwe, uthi:
ukuphimisela kozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla owele phansi, kodwa amehlo akhe engamboziwe, uthi:
ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”
Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”
Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”