Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 5:13 - IsiZulu 2020

13 Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 5:13
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wabonakala ku-Abhrahama ngasezihlahleni ezinkulu zemi-okhi eMamre, ezihlalele emnyango wethende lakhe, lishisa bhe.


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


UJakobe waphaphama ebuthongweni, wathi: “Nembala uNkulunkulu ukule ndawo, bengingazi.”


UJakobe waphakamisa amehlo, wambona u-Esawu eza namadoda angama-400. Wehlukanisa abantwana bakhe, abanye bahamba noLeya, abanye noRaheli, abanye bahamba nezancinza zombili.


Lapho u-Esawu ephakamisa amehlo ebona abesifazane nabantwana, wathi: “Ngobani laba ohamba nabo na?” UJakobe wamphendula wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ngomusa wakhe abaphe inceku yakho.”


Imihla ngemihla, kwakufika abazomsiza uDavide, kwaze kwaba yimpi enkulu enjengekaNkulunkulu.


USimakade wakhuluma engelosini; yayisiyibuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.


uDavide akakwazanga ukuya phambi kwalo ukuba abuze kuNkulunkulu, ngokuba wayesaba inkemba yengelosi kaSimakade.


Ingelosi yami izokwandulela, ikuyise kuma-Amori, kumaHithi, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi, nakumaJebusi, ngiyowabhubhisa.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazizinde, kepha olunye lulude kunolunye, olude lwavela kamuva.


Ngabona umuntu ebusuku egibele ihhashi elibomvu, wama phakathi kwezihlahla zombomvana ezazisemhosheni, emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, amahwaqahwaqa, namhlophe.


Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni.


USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso.


Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe,


USimakade wathi kuJoshuwa: “Bheka, ngilinikele kuwe iJerikho, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe alo anamandla.


Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.


UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Ngabe uyilowo muntu owakhuluma kulo wesifazane, na?” Wathi: “Yebo, nginguye.”


UManowa wathi kumkakhe: “Impela sizokufa ngokuba sibone uNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka