Nokho wena uyokufa ngokuthula, amathambo akho ayobekwa nawawoyihlomkhulu, ungcwatshwe usumdala.
UNumeri 20:24 - IsiZulu 2020 “U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakubo, ngokuba akayikungena ezweni engalinika abantwana bakwa-Israyeli, ngokuba nahlubuka ezwini lami emanzini aseMeriba. |
Nokho wena uyokufa ngokuthula, amathambo akho ayobekwa nawawoyihlomkhulu, ungcwatshwe usumdala.
Isiyonke iminyaka yokuphila kuka-Ishmayeli yayiyi-137. Wafa, wangcwatshwa koyisemkhulu.
U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.
UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,
Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.
Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini.
Leyo ndawo wayibiza ngokuthi kuseMasa neMeribha, ngenxa yokuphikisana kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yokuba bamvivinya uSimakade lapho, bethi: “Ngabe uSimakade ukhona yini phakathi kwethu noma qha?”
Umkhumule u-Aroni izembatho zakhe, uzigqokise u-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyobuyela kwabakubo, afele khona.”
Nasikhuphulelani eGibhithe, ukuze nisilethe kule ndawo embi na? Akusiyo indawo yembewu, noma yamakhiwane, noma yemivini, noma yamahananadi, futhi akukho ngisho amanzi okuphuza.”
Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.
Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo,
“NgoLevi wathi: ‘IThumimi lakho ne-Urimi lakho makuye kothembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini eMeribha,’
wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.
Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.