Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 “U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakubo, ngokuba akayikungena ezweni engalinika abantwana bakwa-Israyeli, ngokuba nahlubuka ezwini lami emanzini aseMeriba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:24
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.


Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.


U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.


U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.


Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,


UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.


Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


umkhumule u-Aroni izambatho zakhe, uzifake ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.”


Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”


Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,


“Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”


Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.


ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo,


NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi* akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka