Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 31:2 - IsiZulu 2020

2 “Phindiselela abantu bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, ungakedluli emhlabeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Phindiselani abantwana bakwa-Israyeli kumaMidiyani; emva kwalokho uyobuthelwa kubantu bakini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 31:2
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho wena uyokufa ngokuthula, amathambo akho ayobekwa nawawoyihlomkhulu, ungcwatshwe usumdala.


Isiyonke iminyaka yokuphila kuka-Ishmayeli yayiyi-137. Wafa, wangcwatshwa koyisemkhulu.


U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.


Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.


Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


“U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.


Umkhumule u-Aroni izembatho zakhe, uzigqokise u-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyobuyela kwabakubo, afele khona.”


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana.


Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


UMose wayesekhuluma nabantu, wathi: “Hlomisani amadoda phakathi kwenu ukuze ayohlasela abakwaMidiyani, aphindiselele uSimakade kwabakwaMidiyani.


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Kepha mina sengizakufa kuleli lizwe, angizukuliwela iJordani, kodwa nina nizoliwela, nilidle leli lizwe elihle.


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Lapho abantu bembona uSamsoni bamdumisa unkulunkulu wabo, bathi: “Unkulunkulu wethu unikele isitha sethu esandleni sethu, umchithi wezwe lakithi, nobulale abaningi bakithi.”


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka