Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”
UNumeri 19:20 - IsiZulu 2020 Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha umuntu ongcolile, angaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa ebandleni, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuhlukanisa awafafazwanga phezu kwakhe; ungcolile. |
Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”
Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”
“ ‘Kanjalo-ke niyakugcina abantu bakwa-Israyeli behlukanisiwe nokungcola kwabo ukuze bangafeli ekungcoleni kwabo, nokuba bangayingcolisi indawo yami engihlala kuyo phakathi kwabo.’ ”
“ ‘Yilowo nalowo wozalo luka-Aroni onochoko noma omfimfayo akayukuzidla izinto ezingcwele aze ahlambuluke, nalowo othinta okungcoliswe yisidumbu, noma ngumuntu oshaywe yizibuko,
“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,
Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.
Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.
Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye.
Ongalungile makaqhubeke enze kanjalo okungalungile, ongcolileyo makazingcolise njalo, kodwa olungileyo makenze njalo ukulunga, kuthi nongcwele azingcwelise njalo.”