Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 17:14 - IsiZulu 2020

14 Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Owesilisa ongasokile, ijwabu lakhe elingasokanga, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo; wephule isivumelwano sami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 17:14
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabuye wathi ku-Abhrahama: “USarayi umkakho awusezukumbiza ngoSarayi, igama lakhe sekuzokuba nguSara.


Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi.


Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo, usijivazile isivumelwano sakhe,


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”


Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Ngokuba ningenise abezizwe abangasokile enhliziyweni nasenyameni, ukuba bangene endlini yami engcwele, bayingcolisa indlu yami; lapho ninikela kimi ngesinkwa, ngamanoni nangegazi; nasephula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.


Noma ngubani oyoyidla, uyothwala ububi bakhe, ngokuba ungcolise okungcwele kukaSimakade, lowo muntu uyonqunywa kubantu bakubo.


Yilowo nalowo muntu ongayikuzithoba ngalolo lusuku uyonqunywa kubantu bakubo.


Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa.


Oyodla igazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi.


Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka