Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.
UNumeri 18:6 - IsiZulu 2020 Bhekani, Mina ngithathe abafowenu abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Bayisipho kini, esehlukaniselwe uSimakade ukwenza umsebenzi wethende lokuhlangana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, mina ngithabathe abafowenu amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; bayisipho kini, benikelwe kuJehova ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, ngibathathile abafowenu, amaLevi, phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kini banikelwe njengesipho kuJehova, ukuba benze inkonzo yetende lokuhlangana. |
Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.
Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.
Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze:
Mina, Mina ngikhulumile, futhi ngimbizile, ngimlethile, uyoyenza iphumelele indlela yakhe.
“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.
“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo.
“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.
Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”
“Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade.
“Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.
Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.