Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.
UNumeri 18:11 - IsiZulu 2020 “Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ingeyakho; umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo kanye nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyakunika wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe njengesimiso esiphakade: bonke abahlambulukileyo endlini yakho bayakudla kukho. |
Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.
Uyothatha libe linye iqebelengwane emnikelweni wakhe, libe ngumnikelo kuSimakade, liyoba ngelomphristi oyofafaza igazi leminikelo yokuthula.
USimakade wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nabendlu kayihlo niyothwala ububi bendawo engcwele. Wena namadodana akho niyothwala ububi bobuphristi benu.
Lokhu niyokudlela endaweni engcwelengcwele, kuyodliwa yibo bonke abesilisa; kuyoba ngcwelengcwele kini.
Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”
USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.
“Lokhu kuyoba yilungelo labaphristi elivela kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma yinkomo noma yimvu; bayonika umphristi umkhono, imihlathi yomibili nenanzi.