Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 “Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi ingeyakho; umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo kanye nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyakunika wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe njengesimiso esiphakade: bonke abahlambulukileyo endlini yakho bayakudla kukho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:11
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


Athabathe kuwo libe linye njalo eminikelweni yakhe, libe ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova, libe ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.


UJehova wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.


“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka