Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?” URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.”
UNumeri 16:9 - IsiZulu 2020 akwanele yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unehlukanisile enhlanganweni yakwa-Israyeli, ukuba nisondele kuye ukuze nenze inkonzo yethabanakeli likaSimakade nokuba nime phambi kwenhlangano, nibe yizisebenzi zayo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza, Contemporary Zulu Bible 2024 Kuncane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano yakwa-Israyeli ukuba anisondeze kuye ukuze nisebenze inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwebandla ukuze nikhonze? |
Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?” URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.”
Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Simakade, kepha ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, ngabe iyona ndlela le, Nkosi Simakade, ophatha ngayo abantu na?
Wathi kubaLevi ababefundisa wonke u-Israyeli, futhi ababengcwele kuSimakade: “Bekani umphongolo ongcwele endlini eyakhiwa nguSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Akuseyukuba bikho mthwalo phezu kwamahlombe enu, manje mkhonzeni uSimakade uNkulunkulu wenu nabantu bakhe, u-Israyeli.
Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,
Wayesethi: “Ake ulalele wena ndlu kaDavide! Kawukhathali yini ukuhlupha abantu, sewufuna ukukhathaza ngisho uNkulunkulu wami na?
Kuyize yini kini ukuba niklabe edlelweni elihle bese ninyathela ngezinyawo zenu okuseleyo edlelweni lenu, nokuba niphuze amanzi acwebileyo qede niwadunge ngezinyawo zenu aseleyo na?
Bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, futhi bayigcine inkonzo yami.
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na?
“Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.
Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
Kepha kimi kuyinto elula ukuba ningahlulele, noma ngahlulelwe ngabantu; nami luqobo angizahluleli.
Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.
Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”