u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.
UNumeri 14:42 - IsiZulu 2020 Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningakhuphuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. |
u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.
Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”
“USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’
Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’
Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.
Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na?
UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.