Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 14:42 - IsiZulu 2020

Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ningakhuphuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 14:42
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe, awumsekelanga empini.


Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”


“USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.


Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na?


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.