Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:12 - IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho abantwana bakwa-Israyeli babengenakuma phambi kwezitha zabo, kodwa bafulathela izitha zabo, ngoba babeqalekisiwe; angisayikuba nani ngaphandle kokuthi nibhubhise okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:12
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba anganizwa.


“Uma laba bantu, noma umphrofethi, noma umphristi bekubuza bethi: ‘Uyini umthwalo kaSimakade na?’ Uyobatshela uthi: ‘Yinina eningumthwalo,’ ubuye uthi: ‘Ngiyakunilahla, kusho uSimakade.’


Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.


Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu.


Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”


Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


Awuyukungenisa into eyisinengiso endlini yakho, funa nawe umiselwe ukubhujiswa njengayo; uyakuyenyanya nokuyenyanya, unengwe nokunengwa yiyo, ngokuba iyinto yokubhujiswa.”


Nize ningazithinti izinto ezimiselwe ukucekelwa phansi, nize ningazinxaneli nithathe zonke izinto ezimiselwe ukubhujiswa bese nenza inkambu ka-Israyeli into yokubhujiswa, nilethe ukuhlupheka phezu kwayo.


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nina enaziyo nenibonile ukuthi senzeke kanjani lesi sono sanamuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka