UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo.
UNumeri 11:18 - IsiZulu 2020 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle. Contemporary Zulu Bible 2024 Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle. |
UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo.
UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.
Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?”
UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”
USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,
Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”
Nabaphristi abasondela kuSimakade mabazingcwelise, funa uSimakade ababhubhise.”
Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.
Aniyukuyidla nje usuku lube lunye, noma izinsuku ezimbili, noma izinsuku eziyisihlanu, noma izinsuku ezilishumi, noma izinsuku ezingama-20,
“Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo,
“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.
Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.