Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
UNumeri 1:2 - IsiZulu 2020 “Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo; Contemporary Zulu Bible 2024 Balani inani lenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, nenani lamagama abo, bonke abesilisa ngemindeni yabo; |
Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.
Isiliva elathokala enhlanganweni eyayibaliwe laba ngamathalenta alikhulu, namashekeli ayi-1 775 ngokweshekeli lendlu engcwele.
Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.
ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa,
Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: