Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 30:12 - IsiZulu 2020

12 “Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho ubala abantwana bakoIsrayeli njengomumo wabo, yilowo lalowo uzanikela eNkosini inhlawulo yomphefumulo wakhe, lapho ubabala; ukuze kungabikho inhlupho phakathi kwabo lapho Ubala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 30:12
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USathane wamelana no-Israyeli, wamyenga uDavide ukuba abale u-Israyeli.


‘Zikhethele noma kube yiminyaka emithathu yendlala, noma izinyanga ezintathu unqotshwa yizitha zakho ngenkemba yazo, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaSimakade nobhubhane ezweni, ingelosi kaSimakade ibhubhisa kulo lonke elakwa-Israyeli. Manje-ke qoka, lizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo na?’ ”


USimakade wathumela ubhubhane kwa-Israyeli, kwafa abantu abayizi-70 000 kwa-Israyeli.


UJowabe wathi: “USimakade makenezelele kubantu bakhe kuphindwe kayikhulu. Nkosi yami, nkosi, kanti abasizo yini izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani ukwenza lokhu na? Kungani ifuna ukuba yimbangela yecala ku-Israyeli na?”


UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


Inkosi yayisibiza uJehoyada, inhloko, yathi kuye: “Kungani ungajubanga abaLevi ukuba balethe kwaJuda naseJerusalema intela eyamiswa nguMose, inceku kaSimakade, ebandleni lika-Israyeli, ibe ngeyethende lobufakazi na?”


Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuSimakade intela uMose, inceku kaNkulunkulu, ayeyale u-Israyeli ukuba ayikhokhe esesehlane.


uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi: ‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’


Qaphela ingcebo, ingakuyengi, ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo.


Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


zathi kuye: “Izinceku zakho zibale wonke amabutho asesandleni sethu, akukho nalinye elisalile.


Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka