Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 6:1 - IsiZulu 2020

Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi lapho oSanibhalati, noThobiya, noGesemi, umArabhi, nezinye izitha zethu, bezwile ukuthi ngase ngilwakhile ugange nokuthi akusalanga sikhala kulo; (nakuba ngaleso sikhathi ngangingayifakanga iminyango emasangweni;)

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 6:1
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaphambi kwalokho, u-Eliyashibhi, umphristi owayengamele amagumbi endlu kaNkulunkulu wethu, eyisihlobo sikaThobiya,


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.


ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.


ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.


Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda.


Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi,


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.