Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa izikhalo zabo namazwi abo.
Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.
Futhi ngathukuthela kakhulu lapho ngibabiza futhi ngizwa lawa mazwi.
Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.
Ngathukuthela kakhulu, ngazijikijela phandle izimpahla zikaThobiya ezazisendlini.
Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.
Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.
Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.
UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.”
UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.