Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 5:5 - IsiZulu 2020

5 Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha manje inyama yethu injengenyama yabafowethu, nabantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, siletha amadodana ethu namadodakazi ethu ebugqilini, namadodakazi ethu asevele enziwe izigqila; futhi akukho emandleni ethu ukubakhulula; ngoba abanye abantu balamasimu ethu lezivini zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 5:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke.


Asimthengisele abakwa-Ishmayeli engenamyocu, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.


Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?


Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka