UBhathi Sheba wayesekhothama wathi mbo ngobuso bakhe phansi, wakhuleka enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”
UNehemiya 2:3 - IsiZulu 2020 Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na? |
UBhathi Sheba wayesekhothama wathi mbo ngobuso bakhe phansi, wakhuleka enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”
Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwayo, okwakungunyaka we-19 wenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani, induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.
Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.
U-Ahazi walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini iJerusalema, ngokuba abamyisanga emadlinzeni amakhosi akwa-Israyeli. UHezekiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UHezekiya wayesekhothama, bamngcwaba emmangweni wamadlinza ozalo lukaDavide, wonke uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bamhlonipha emngcwabeni wakhe. UManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange eJerusalema, bazishisa zonke izigodlo ngomlilo, babhubhisa zonke izitsha zakhona ezinxanelekayo.
Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”
Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.
Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”
Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.
Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.
Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okwakungunyaka we-19 wokubusa kwenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.
Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.
Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”
Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.
Base bebuthana labo mengameli nezikhulu baya enkosini beyisixuku, basho lokhu kuyo, bathi: “Phila kade, nkosi Dariyu.
Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.