Watshela abantu abayizakhamuzi zaseJerusalema ukuba banikele ingxenye yabaphristi neyabaLevi, ukuze babambelele baqine emthethweni kaSimakade.
UNehemiya 13:10 - IsiZulu 2020 Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabona ukuthi amaLevi awanikezwanga izabelo; ngokuba amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ezweni lakubo. |
Watshela abantu abayizakhamuzi zaseJerusalema ukuba banikele ingxenye yabaphristi neyabaLevi, ukuze babambelele baqine emthethweni kaSimakade.
Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.
Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”
ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.
Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.
“Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.
“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke.