Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.
UNahume 3:15 - IsiZulu 2020 Lapho uyakukungqongqiswa ngumlilo, udliwe yinkemba, ikudle njengesikhonyane, zandise njengokhumbintethe, uzandise njengesikhonyane! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho umlilo uyakukuqeda, inkemba ikunqume, ikudle njengenkasa; zandise njengenkasa, zandise njengesikhonyane! Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho umlilo uyakukuqeda; inkemba iyakukunquma, ikudle njengenkumbi; ukwenze ufane kakhulu nenkasa, ukwenze ufane kakhulu nesikhonyane. |
Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.
Ngokuba ngomlilo nangenkemba, uSimakade uyokwehlulela bonke abantu, bayoba baningi abayobulawa nguSimakade.
USimakade Wamabandla uzifunga Yena uqobo, uthi: impela ngiyakukuthelekela ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane, ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.
Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.
“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.
INkosi uSimakade yangibonisa kanje umbono: Bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani bakamuva. Uyabona-ke, kwakungutshani bakamuva osebusikiwe bungobenkosi.
“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.
Bheka nje, abantu bakho onabo bangamanina. Amasango ezwe lakho avulekele izitha zakho, umlilo uyakungqongqisa imigoqo yakho.
Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho, abhubhise i-Asiriya, iNineve alenze libe yincithakalo, lome njengehlane.