UNahume 3:13 - IsiZulu 2020 Bheka nje, abantu bakho onabo bangamanina. Amasango ezwe lakho avulekele izitha zakho, umlilo uyakungqongqisa imigoqo yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane; amasango ezwe lakho ayovulelwa kakhulu izitha zakho; umlilo uyodla izingidi zakho. |
ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.
Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.
Inkemba ifike phezu kwabaphrofethi bamanga, babe yiziwula; inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.
Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.
Amaqhawe aseBhabhele aseyekile ukulwa, asehlala ezinqabeni zawo; aphelelwe ngamandla, anjengamanina; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo inqanyuliwe.
Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.
Kunqunyiwe ngalo, liyambulwa, liyathunjwa, nezincekukazi zalo ziyalila njengokukhala kwamajuba, azishaya phezu kwezinhliziyo.
Lapho uyakukungqongqiswa ngumlilo, udliwe yinkemba, ikudle njengesikhonyane, zandise njengokhumbintethe, uzandise njengesikhonyane!