Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UmShumayeli 8:1 - IsiZulu 2020

Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngubani onjengendoda ehlakaniphileyo? Ngubani owazi incazelo yendaba na? ukuhlakanipha komuntu kukhanya ubuso bakhe, lesibindi sobuso bakhe buyaguqulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UmShumayeli 8:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


“Uma bekungaba khona ingelosi, ummeli abe munye enkulungwaneni, obeyothi lo muntu ulungile,


Abakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sabo siyakhazimula; uMose wayebumboza ngemvakazi aze ayisuse uma eseyokhuluma noSimakade.


ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi.


Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.


Ukuhlakanipha kuphambi komuntu onokuqonda, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.


Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.


Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla, nonolwazi wedlula onezikhwepha.


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,


Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.


Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


isizwe esibuso baso bugcwele ulunya, esingenandaba nomuntu omdala, nesingenaluzwelo komusha.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Yazini lokhu kuqala, ukuthi asikho isiphrofetho sombhalo esingacaciswa ngumuntu ngokwakhe ukuqonda.