Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 33:23 - IsiZulu 2020

23 “Uma bekungaba khona ingelosi, ummeli abe munye enkulungwaneni, obeyothi lo muntu ulungile,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Uma kukhona naye isithunywa, umhumushi oyedwa enkulungwaneni, ukuze abonise umuntu ubuqotho bakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 33:23
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.


“Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.


Impela uNkulunkulu akakwenzi okubi, uSomandla akabuhlanekezeli ubulungiswa.


Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’


Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni, nokuthi icala liphambi kwakhe, wena ulindele Yena!


Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


Akukho mlamuli phakathi kwethu, ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili, asilamule.


Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


ingqondo yami esiwucinge iphindelela, kodwa ingawufumani. Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane, kodwa angimtholanga owesifazane phakathi kwakho konke lokho.


Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo; ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso, nokulunga kwakhe kwamphasa.


Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.


USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.


UHagayi, isithunywa sikaSimakade, wayesethula umyalezo kaSimakade kubantu, wathi: “Mina nginani,” kusho uSimakade.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?”


Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami,


Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka