Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 7:12 - IsiZulu 2020

Ngalolo lusuku abantu bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini eGibhithe, kusukela eGibhithe kuze kube semfuleni, kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalolo suku bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe, kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,* kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalolo suku uyakuza kini evela e-Asiriya nasemizini ebiyelweyo, kusukela ezinqabeni kuze kufike emfuleni, kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kufike entabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 7:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Kuyoba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe eyosala e-Asiriya, njengalokhu kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku akhuphuka ngalo eGibhithe.


Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba,


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga; nalaba eSinimi.”


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami; ungadangali, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usendaweni ekude; ngisho nabozalo lwakho ezweni abathunjelwe kulo. UJakobe uyakuba ongaphazanyiswa lutho, avikeleke, angasatshiswa muntu.


“ ‘Ngalolo lusuku ngizokwenza abendlu yakwa-Israyeli badlondlobale ngamandla, ngikuvumele ukuba ukhulume kubo, bazokwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakubathatha abakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibaqoqe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo.


Bayakuza bethuthumela njengenyoni bevela eGibhithe, njengejuba bephuma e-Asiriya, ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.