Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 3:18 - IsiZulu 2020

18 Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyohamba nendlu ka-Israyeli, futhi bayohlangana ndawonye besuka ezweni lasenyakatho baye ezweni engalinika okhokho benu njengefa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 3:18
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga.


Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba,


kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo.


kodwa bayothi: ‘Ngifunga uSimakade, owakhuphula, wabahola abozalo lwendlu ka-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke, lapho ngangibaxoshele khona.’ Bayakuhlala ezweni lakubo.”


Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade; ‘angizukunibheka nginyukubele, ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade; ‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.


Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.


ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade.


“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.


“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa futhi kwelabo izwe engibanike lona,” kusho uSimakade uNkulunkulu wakho.


“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.


“Maye! Maye, balekani enyakatho!” kusho uSimakade, “ngokuba nginihlakaze njengemimoya emine yezulu,” kusho uSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka