Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
UMikha 5:6 - IsiZulu 2020 Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi bayobhubhisa izwe lase-Asiriya ngenkemba kanye nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo; kanjalo uyakusikhulula e-Asiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho engena ezweni lethu. |
Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.
Uma sengikhulumile kwakungaphinde kukhulume muntu, amazwi ami ayeconsela phezu kwabo njengamazolo.
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.
ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”
Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.
Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.
Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”
Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.
Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamawundlu ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama nengonyakazi newundlu lengonyama, lapho kungekho khona okwesabisayo na?
Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho, abhubhise i-Asiriya, iNineve alenze libe yincithakalo, lome njengehlane.
Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.
Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.
Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,