Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”
UMikha 5:3 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke iyakuwanikela kuze kube yisikhathi lapho okhulelweyo esebelethile; insali yabafowabo iyakubuyela kubantwana bakwa-Israyeli. |
Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”
Ningafani nokhokho benu nabafowenu abenza okungalungile kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, waze wabenza into eyesabisayo, njengalokhu nibona.
Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni.
“Ngaleso sikhathi, kusho uSimakade, ngiyakuba nguNkulunkulu wayo yonke imindeni yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.”
“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.
“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.
“Ngakho-ke ngiyakubuya ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho newayini lami elisha ngesikhathi salo, ngithathe uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.
Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”
Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.
Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade.
Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.
Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
Uyakudla, kodwa ungasuthi, uyakubhekana nendlala, uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo, noma yini oyiletha endaweni evikelekile, ngiyakuyinikela enkembeni.
“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.
Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”
“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’
Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi;