Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 1:3 - IsiZulu 2020

Ngokuba uSimakade usezakuphuma endaweni yakhe, ehlele phansi, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 1:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;


USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.


Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.


“Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”