Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngokuba uSimakade usezakuphuma endaweni yakhe, ehlele phansi, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 1:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.


Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.


“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka