Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMalaki 1:5 - IsiZulu 2020

Niyakuzibonela nina ngawenu amehlo, qede nithi: ‘Mkhulu uSimakade, kuze kudlulele nangale kwemingcele yakwa-Israyeli.’

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amehlo enu ayakukubona, bese nithi: ‘UJehova uyakuba mkhulu, kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli.’

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amehlo enu ayakukubona, nithi: ‘INkosi iyakuba mkhulu emkhawulweni wakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMalaki 1:5
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yehlele phezu kukaJuda neJerusalema, wabenza into esabekayo, eyesabisayo nenximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


“ ‘ “Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise izihlangu, amahawu, iminsalo, imicibisholo, izinduku, nemikhonto, konke lokho bayakubasa ngakho umlilo, iminyaka eyisikhombisa.


Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


“Ngalokho-ke yimani, nibone lesi simangaliso esikhulu uSimakade azosenza phambi kwamehlo enu.