Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoweli 3:13 - IsiZulu 2020

Fakani isikela, ngokuba isivuno sesivuthiwe; wozani nizogxoba, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezimbiza zewayini ziyachichima, impela ububi babo bukhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Hlalani esikeleni, ngokuba isivuno sesivuthiwe; woza, yehla; ngokuba isikhamo sigcwele, amanoni ayachichima; ngoba ububi babo bukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoweli 3:13
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu.


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBhabhele injengesibuya, ngesikhathi sinyathelwa. Kuseyisikhashana nje, sizofika nakuyo isikhathi sokuvunwa kwayo.”


“INkosi uSimakade iwalaxazile onke amaqhawe ami, ibize imbizo ukuze imelane nami; ifihlize izinsizwa zami, kuhle kwesikhamo sewayini inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.


“Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.”


Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi.


Uma isithelo sesivuthwe ngokupheleleyo, usingenela ngesikela ngokushesha, ngokuba sekufike isikhathi sokuvuna.”


“Uyozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqale ngaso ukuvuna okusanhlamvu, uqale ubale amasonto ayisikhombisa.


Ngabona futhi: nanto ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhleli ofana neNdodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe, ephethe isikela elibukhali esandleni sakhe.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.