Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoweli 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Fakani isikela, ngokuba isivuno sesivuthiwe; wozani nizogxoba, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezimbiza zewayini ziyachichima, impela ububi babo bukhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Hlalani esikeleni, ngokuba isivuno sesivuthiwe; woza, yehla; ngokuba isikhamo sigcwele, amanoni ayachichima; ngoba ububi babo bukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 3:13
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”


UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.


Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBabele injengesibuya ngesikhathi sokunyathelwa kwaso; kuse yisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.”


“INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.


“Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.


kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.”


“Wozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa.


Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka