Kwathi lapho bembikela uDavide ngalokho, wathumela ukuba zihlangatshezwe, ngokuba lawo madoda ayehliswe isithunzi kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”
UJoshuwa 6:1 - IsiZulu 2020 Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu. Contemporary Zulu Bible 2024 IJeriko lalivaliwe ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; akuphumi muntu kungangeni muntu. |
Kwathi lapho bembikela uDavide ngalokho, wathumela ukuba zihlangatshezwe, ngokuba lawo madoda ayehliswe isithunzi kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”
Inkosi yase-Asiriya yezwa ngozungu uHosheya ayeselwakhele yona, ngokuba wayethumele izithunywa kuSo, inkosi yaseGibhithe, futhi engayilethanga intela enkosini yase-Asiriya, ayeyithela minyaka yonke, ngakho-ke inkosi yase-Asiriya yambopha, yamvalela ejele.
U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake usale lapha, ngokuba uSimakade ungithume eJerikho.” Kepha yena wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, angisoze ngakushiya.” Base beya eJerikho.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
bese wehla usuka eJanowa uye e-Atharothi naseNahara, ugudle iJerikho ugcine ngeJordani.
Imizi yesizwana sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yaso kwakuyiJerikho, iBhethi Hogila, i-Emekhi Kezizi,
UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.
Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”
Amadoda azilandela ngendlela elibangise eJordani aze ayofinyelela emazibukweni alo. Athi ukuba aphume amadoda ayezilandela, lavalwa isango.
Umkhuzi wempi kaSimakade wathi kuJoshuwa: “Khumula izimbadada zakho ezinyaweni ngokuba indawo omi kuyo ingcwele.” UJoshuwa wenza kanjalo.
USimakade wathi kuJoshuwa: “Bheka, ngilinikele kuwe iJerikho, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe alo anamandla.