Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:1 - IsiZulu 2020

1 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Thumelani omunye wenu ukuba amlande umfowenu. Nina nonke nizoboshwa ukuze kubonakale ukuthi enikushilo kuyiqiniso yini; uma kungenjalo, ngimfunge uFaro, niyizinhloli.”


UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


“Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


Bakanisa ngaseJordani kusukela eBhethi Jeshimothi kuze kufike e-Abhela Shithimi emathafeni kwaMowabi.


uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi;


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.


Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?


Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”


Inkosi yaseJerikho yabikelwa ukuthi: “Abanye bakwa-Israyeli bafikile kusihlwa ukuzohlola izwe.”


iHelikhathi namadlelo alo, neRehobhe namadlelo alo, imizi emine.


Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


Bathumela izinhloli eBhethele elalikade laziwa ngokuthi yiLuzi.


Amadoda ayisihlanu ayekade ezohlola iLayishi athi kubafowabo: “Niyazi nje ukuthi kulezi zindlu kukhona ingubo yamahlombe, netherafimi nesithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, na? Cabangisisani ukuthi nizokwenzenjani.”


Lawo madoda ayisihlanu ayekade eyohlola izwe angena, athatha isithombe esibaziweyo, ingubo yamahlombe, itherafimi nesithombe esibunjiweyo. Umphristi wayemi ngasekungeneni kwesango namadoda angama-600 ayehlomile.


Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka