Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 18:21 - IsiZulu 2020

21 Imizi yesizwana sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yaso kwakuyiJerikho, iBhethi Hogila, i-Emekhi Kezizi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, nesigodi saseKezizi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 18:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uSolomoni yaya eGibheyoni ukuyokwenza umhlatshelo khona, ngokuba kwakuyiyona ndawo ephakemeyo, enkulu. USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane kulelo althare.


“Izizwe eziseleyo-ke: UBhenjamini uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


UJesu wathatha wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJerikho; wazithela phezu kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zahamba, zimshiya sekusele umndondo nje.


UJesu wangena eJerikho, wadabula kulo.


umngcele wenyukela eBhethi Hogila, wedlule ngasenyakatho eBhethi Araba; uqhubeke njalo uze uye emngceleni wamadodana kaRubeni etsheni likaBhohanu,


Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.


Wedlulela ngasenyakatho yomthambeka waseBhethi Hogila, uze uphelele echwebeni loLwandle Lukasawoti, ekugcineni ngaseningizimu yeJordani. Yilowo-ke umngcele wangaseningizimu.


IJordani ingumngcele ongasempumalanga. Lesi yisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo. Uzungeza kusukela emngceleni kuya komunye.


iBhethi Araba, iZemarayimi, iBhethele,


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu.


Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka