Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.
UJoshuwa 2:6 - IsiZulu 2020 Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha yawayisa ophahleni lwendlu, yawathukusa phezu kwezinhlanga zefilakisi ayezihlelile ophahleni. |
Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.
Owesifazane wathatha isivalo, wasibeka phezu komlomo womthombo, weneka umgqakazo kuso; kwakungazi muntu ngalokho.
Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, ukuthi ngabafihla abantu abayikhulu kubaphrofethi bakaSimakade, ngama-50 emgedeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi na?
ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.
Kepha uJehoshebha, indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya. Wameba phakathi kwamadodana enkosi ayezobulawa, wamfihla nomzanyana wakhe ekamelweni. Wamfihla kanjalo ku-Athaliya ukuze angabulawa.
Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu.
Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.
“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.
Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?
Kuthe kusihlwa sekuzovalwa isango, asuka ahamba. Angazi ukuthi aphume alibhekisaphi. Phuthumani niwalandele, ngokuba ningase niwafice.”
Amadoda azilandela ngendlela elibangise eJordani aze ayofinyelela emazibukweni alo. Athi ukuba aphume amadoda ayezilandela, lavalwa isango.
UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.