ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
UJoshuwa 11:4 - IsiZulu 2020 Aphuma wonke namabutho awo, impikazi eyayingangesihlabathi solwandle, inamahhashi amaningi kakhulu, nezinqola zempi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi. |
ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
Wena luqobo uthe: ‘Ngizokwenzela okuhle, ngandise izizukulwane zakho zibe njengezihlabathi zolwandle ezingenakubalwa.’ ”
“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.
OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.
Wonke lawo makhosi ayihlanganisa impi yawo, eza, akanisa ndawonye ngasemanzini eMerome, ukuba alwe no-Israyeli.
AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.
AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.