Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
UJobe 7:8 - IsiZulu 2020 Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho. Contemporary Zulu Bible 2024 Iso longibonileyo alisayikungibona; amehlo akho aphezu kwami, kepha angikho. |
Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
Izinyawo zami uzichome ezingongolweni, waziqaphela zonke izindlela zami, wamisa umkhawulo ematheni ezinyawo zami.
Ulala eyisigwili, kodwa ngeke esakwenza lokho, uyothi evula amehlo akhe ube ungasekho umcebo.
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela