UHamori wathi kubo: “Indodana yami uShekhemu iyayithanda indodakazi yenu. Mganiseleni yona ibe ngumkakhe.
UJobe 7:2 - IsiZulu 2020 Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengenceku ekhefuzelela ithunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Njengenceku elangazelela umthunzi, nanjengomqashwa olindela inkokhelo yomsebenzi wakhe; |
UHamori wathi kubo: “Indodana yami uShekhemu iyayithanda indodakazi yenu. Mganiseleni yona ibe ngumkakhe.
“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?
Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela
“Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, masihlasele emini. Maye, kithi! Ngokuba ilanga seliyashona, namathunzi okuhlwa aselulekile.
“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.
USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.
Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.