UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?
UJobe 4:11 - IsiZulu 2020 Ibhubesi elinamandla liyafa ngenxa yokweswela impango, amawundlu ebhubesi ayahlakazeka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingonyama endala iyabhubha ngokuswela impango, namawundlu engonyamakazi ayahlakazeka. |
UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?
kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu, izandla zabo ziwubuyisele kubo umcebo wakhe.
“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,
Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.
Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.
Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.
Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.
Laba bantu banjengengonyama; baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli ingakayisobozeli inyamazane, iphuze igazi layo.”
Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”
Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.