Uyakuba yindoda ewumdlwembe njengembongolo yasendle, amelane nabo bonke abantu, nabantu bonke bamelane naye, futhi uyoba nochuku ngisho nasezihlotsheni zakhe zonke.”
UJobe 39:5 - IsiZulu 2020 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani owakhulula imbongolo yasendle? Ngubani owathukulula izibopho zikababhemi wasendle? |
Uyakuba yindoda ewumdlwembe njengembongolo yasendle, amelane nabo bonke abantu, nabantu bonke bamelane naye, futhi uyoba nochuku ngisho nasezihlotsheni zakhe zonke.”
Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
Bheka, njengezimbongolo ehlane, bayahamba beya emsebenzini wabo, bedabula ehlane, befunela abantwana babo ukudla.
Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime, noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?
Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhala yini inotshani na?
Inqaba iyosala dengwane, kukhale ibhungane emzini obunabantu abaningi. Igquma nombhoshongo kuyoba yimigede kuze kube phakade; kube yinjabulo yezimbongolo zasendle nedlelo lemihlambi,
Izimbongolo zasendle zima emadulini angamaqwaqwasi, zikhefuzele njengamakhanka; amehlo azo ayafiphala, ngoba abukho utshani.”
nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayukukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.
waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.
Ngokuba bakhuphukele e-Asiriya bazihambela njengembongolo yasendle; u-Efrayimi ucubuzile ezithandweni zakhe.