USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
UJobe 33:4 - IsiZulu 2020 UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila. Contemporary Zulu Bible 2024 UMoya kaNkulunkulu wangenza, lokuphefumula kukaSomandla kwangiphilisa. |
USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
Ungiphe impilo, wangenzela umusa, ukunginakekela kwakho kuwulondile umoya wami.
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.
Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.