UJobe 3:19 - IsiZulu 2020 Lapho abancane nabakhulu befana; isigqila sikhululekile kumniniso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho nabancane nabakhulu bayafanana; isigqila sikhululekile enkosini yaso. Contemporary Zulu Bible 2024 Abancane nabakhulu bakhona; lenceku ikhululekile enkosini yayo. |
Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakumlandela njengokuba bengenakubalwa nababephambi kwakhe.
Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.
nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.
Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,